I-Wayback Machine ingumshini womlando wedijithali ye-World Wide Web. Yasungulwa yi-Internet Archive, umtapo wolwazi ongenzi nzuzo ozinze eSan Francisco, eCalifornia. Idalwe ngo-1996 futhi yethulwa emphakathini ngo-2001, ivumela umsebenzisi ukuthi abuyele "emuva ngesikhathi" futhi abone ukuthi amawebhusayithi abukeka kanjani phambilini. Abasunguli bayo, uBrewster Kahle noBruce Gilliat, basungule iWayback Machine ngenhloso yokunikeza "ukufinyelela kulo lonke ulwazi" ngokugcina amakhophi agcinwe emakhasini ewebhu angasasebenzi.[1]

Kusukela yadalwa ngo-1996, kungezwe amakhasi angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingama-544 kulengobo yomlando. Le nsizakalo iphinde yaqubula impikiswano yokuthi ngabe ukudala amakhasi afakwe kungobo yomlando ngaphandle kwemvume yomnikazi kungukuphula umthetho we-copyright kwezinye zeziphathimandla.

Imithombo

hlela
  1. "MTV Online: Main Page – Wayback Machine". Wayback Machine. May 12, 1996. Archived from the original on May 12, 1996. Kulandwe ngomhlaka 29 kuNhlangulana 2021.
pFad - Phonifier reborn

Pfad - The Proxy pFad of © 2024 Garber Painting. All rights reserved.

Note: This service is not intended for secure transactions such as banking, social media, email, or purchasing. Use at your own risk. We assume no liability whatsoever for broken pages.


Alternative Proxies:

Alternative Proxy

pFad Proxy

pFad v3 Proxy

pFad v4 Proxy